Imizamo yeSILO yokugeza ibutho kukhucululwe ipolitiki yamaqembu: Lalela isiqephu sesibili sochungechunge lwephodikhasti ebungaza iminyaka engama-73 yokuzalwa kweSILO esesiNyandezulu.
Izwe Lithini? Lesi yisiqephu sokuqala sochungechunge lwephodikhasti ebungaza iminyaka engama-73 yokuzalwa kweSILO esesiNyandezulu. Ibhalwe nguNhlanhla Mtaka, uMfowakwaNomajalimane, ifundwa nguMuzi Mthabela, ezinkinobhweni nguSihle Khwela, umculo kube nguMbuso Khoza. Ukuze uthole kabanzi ngalesi siqephu kanye nezinye vakashela isizindalwebu u-www.bayedenews.com
LALELA : Ngabe iNingizimu Afrika isinababusi abasha? Esimweni esejwayelekile abantu bavotela iqembu ukuba libabuse nokho okuqaphelekayo eNingizimu Afrika namuhla wukuthi osekwehlule osopolitiki namaqembu abo sekufezwa zinkantolo. Lokhu kungahle kusho ukuthi amandla evoti kawasasho lutho ukuya phambili. Lalela ukufundwa kwalo mbiko oshicilelwe kwelaboHlanga kuleli sonto. Kufunda uMnu uMuzi Mthabela.
Ifunzamuntu uNomanzi uqhubeka nokufundisa abantu ngenkampani iMhlatuze Water. Lapha simthola exoxa noSihlalo weBhodi uNks uThabi Shange. Lona ngumsebenzi wokubbambisana phakathi kwe-Igunundu Agency noMhlathuze Water
Njengohlelo lokukufundisa aboHlanga ngobumqoka bepolitiki yezomnotho sixoxisana nongoti wezamabhizinisi nombhali kuBayede-Iphepha laboHlanga, uMnu uLindani Dhlomo. Lapha uDinangwe wenaba ngokwakheka kwebhizinisi.
Thamela izifundo ezethulwa ngongoti bezepolitiki nepolitiko yomnotho uMnu uNhlanhla Mtaka noMnu uXolani Dube.
Imiphumela yakamuva iyokhetho e-United State of America ikhomba ukuthi kungenzeka uMengameli uTrump angene ehlazweni lokuba nguMengameli wehlandla elilodwa. Yize lokhu kungasho lukhulu uma kukhulunywa ngesimomazwe, ngakolunye uhlangothi kungahle kuxove ubudlelwane kwabantu ezweni.
ISIQEPHU SOKUQALA : Ngenxa yezinhlungu ayekuzo wayebubula kuhle kwenkuzi yenkomo ephiselwe ngomkhonto esikhonkosini. Epaquza ecela ushwele nosozo kubabulali bakhe. Okubuhlungu yikuthi unina akasibonanga isidumbu sakhe esabe sesiyizibhucu.
Njalo ngoLwesihlanu, iphephandaba iBAYEDE lifinyelela kubantu abanomthelela abangabeNguni libalethela izindaba, ezepolitiki nezepolitiki yomnotho, ezamabhizinisi nezezimali, ezethekhinoloji, ezendlelakuphila, ezobuciko, ezefagugu ngokwamasiko, ezezakhiwo ngokweSahluko 9, imibiko yezinkantolo kanye nezemidlalo ezintsha. Kusuka namuhla konke lokhu usungakulalela emsakazweni iBayede News etholakala ngephodikasti nsukuzonke ngehora lesi-6 ntambama.
Ipolitiki yakuleli kuleminyaka embalwa seyikhiqize okwehlukile uma kukhulunywa ngokhetho lukazwelonke nolwezindawo. Iqembu elikude le ngezibalo kunalelo elibusayo lenza izimanga njengoba abe Economic Freedom Fighters ( EFF) umsindo wabo uzwakala zinkalo zonke.
Ungoti wezokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi, uMnu uLindani Dlomo, weluleka ngokubaluleka kokusebenzisana ukuze amabhizinisi aphumelele.
UNomanzi ( olifuzamuntu) ungowesifazane wasemakhaya okhaliphile ofundisa umphakathi wakhe wamanzi ngobumqoka bokulawula amanzi abuye awugqugquzele ukuba ube yingxenye yokwenza izinqumo nokuzisebenzisa mayelana nokubuswa nobupolitiki okungokwamanzi. Ubuye abhekane nokuhlelemba okubaluleke kakhulu kanye nokulungelela ukuguquka kwesimokade sezulu nokulawulwa kwamanzi. Lona ngumsebenzi wokubambisana phakathi kwe-Igunundu Agency noMhlathuze Water.
Kulesi siqephu esiyingxenye yochungechunge , ungoti nombhali wezamabhizini kwelaboHlanga, uMnu uLindani Dhlomo wenza isethulo ngobumqoka kokuqonda ibhizinisi kwaboHlanga.
Ipolitiki Yezomnotho: Sibheka indima ye-Ithala kupolitiki yezomnotho yaboHlanga. Sikhuluma noSihlalo walesi Sikhungo nophinde abe ngusomnotho, Inkosi uSibonelo Mkhize wesizwe sakwaHlathikhulu.
Ngokwezibalo ze AgriOrbit, ngonyaka wezi-2017 ezolimo zifake amaphesent ali-2.5 nemali eyizigidigidi ezili-127.69 emnothweni wezwe laseNingizimu Afrika. Lalela ungoti wezokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi uMnu Lindani Dlomo ekhuluma ngokubaluleka kwalelibhizinisi.
Thola Ingqikithi : Kungahle kube yimpi yomkhaya. Izinkani zababili futhi kubukeka kuyosala oyedwa phakathi kukaMehluleli uZondo noMnu uZuma namandla kanye nokusebenza kweKhomishini ephenya ukugwamandwa kwamandla ombuso. UMfo wakwaNomajalimane ubuka okungaba ngumthelelela.
Ipolitiki ngolimi Lwakho: Ichilo lokuqashwa kwezakhiwomahhovisi KwaZulu-Natal okuvela ukuthi kuhlomula amaNdiya nabelungu kanti nohulumeni wesifundazwe uyisiqashi.