Discover
Sigiya Ngengoma

224 Episodes
Reverse
Njengoba kuyinyanga yamasiko sikhuluma ngempepho njengoba impepho kuyiyo esixumana ngayo nezidalwa.
Sikhuluma nge nqolobane. Inqolobane sazi ukuthi yayigcina izivuno ekhaya mesihehla sibheka emumva.
Sisekuyo inyanga yabantu besifazane, sibheka umuntu ongabatholi abantwana ngokwe sintu. Wa celelwa ingane kwabadala noma emusamu.
Ukuphila kwakudala noku phila kwa manje – Kusafana yini? Uma sibuka umuntu wesifazane ezilile.
Njengoba siqala inyanga yabantu besfizane, Sikhulma ngomuhlonyana siqhathanisa nakudala namanje ukuthi ngabe sisakwenza yini ngendlela efanele.
Namhlanje sibheka ukuthi kudala kwaku khona yini ukuthwasa kangaka mesiqathanisa nesikhathi samanje.
Sikhuluma ngokuphuma kwentombi iyogana.
Sikhuluma ngokubaluleka kwe-ziko lezinkomo.
Sikhuluma ngexiba (Indlu yakwaGogo).
Sikhuluma ngokubaluleka kwesibaya.
Sikhuluma ngoku thwetshulwa noma ukuthathwa kwe dlozi.
SIKHULUMA NGOMUNTU OSHISA IMPEPHO EKHAYA... SINGASHO FUTHI UKUTHI UMUNTU OTHETHA IDLOZI.
Sikhuluma NGOMKHANGU, umkhangu kuba yibala eliba semuzimbeni womuntu kuyaba ichashaza noma kube ibala emzimbeni. uMuntu onaleli bala kusuke kuwumuntu ohlukile kwabanye.
Sikhuluma ngobuziko bekhaya, kusuke kuwu tshani obuthize obulukwayo bulenge phezu emsamu ka Gogo. Kusuke kunePande Phakathi.
Sibheka umehluko phakathi kwamemulo nomhlonyane.
Comments